Izibongo Zabathathu

Inkondlo Yamakhosi Amathathu AkwaMaseko

Mvulandlela:
Esikhathini sesomiso
lapho kuvame ukwesaba nentukuthelo
isizukulwane sivukela umbuso
sikhala ngezimfanelo
nombuso usobozela abazukulwane
Ufike wena uhogela ngamakhala amasha
Umoya wezishingishane zasemandulo nakusasa
Wathi lisazonetha
uhlaza luzovama
Uthe isizwe sisazonotha
Kusho wena Vulandlela

Mvelo:
UMdali eluthando
USomandla evumile
Sibone ngawe nkosi encane eyembethe igubo yokukhanya
Ubuhle bakho busikhange ngenkazimulo yesethembiso
Ucwebezela okwamazolo
Ufumbethe izimpawu zenhlanhla ngazombili
Kwavela wena kwadeda ubumnyama lacweba nezulu
Wena omehlo’mbulunga ngokufuza ekhabo Nyoko
Siyashweleza nkosenhle kuvuka kwamaNgcamane

Mvikeli:
UMama wakho wakwetha kuqala
Ungakaveli sakubona ngemisebenzi emihle
Kusengathi uyawazi amandl’akho
Sengathi uzizwela yena izigi zenginyama
Ubukhosi obusha obuyobusa ngothando nangosiba
Ezinye zigabe ngegazi
Wena nguwe oyovikela amasango asemakhosini
Iso lakho liyodedisa izitha ZikaNomkhubulwane
Isandla sakho siyokwelulelwa kwabampofu …

Advertisements

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out / Change )

Twitter picture

You are commenting using your Twitter account. Log Out / Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out / Change )

Google+ photo

You are commenting using your Google+ account. Log Out / Change )

Connecting to %s