“Awusho Ngubane, uke uzifunde izincwadi ezibhalwa nguMbuyiseni Oswald Mtshali? Ngiyamthanda lapho ethi khona:
‘Let them know thy name
It’s gone too long
Your vacant place unknown
Its number
Murdered easily by computer.
Thixo! We want to rejoice
Celebrating the best of the new age
For gone is Kleinbooi
No more Sixpence
John is neither here nor there
Mary lives no more for tea only.’
“Cha Mnumzane Martin, angibafundi ababhali abamnyama bezinkondlo. Izinkondlo zabo azifani nezo-T.S. Eliot. Mina ngithanda o-Wordsworth, oShelley, uShakespear no Tennyson.” – Buthelezi, p.76
Umbhali wakwaZulu, futhi obhala ngesiZulu, uJC Buthelezi ungivusa ingqondo ngendlela emangalisayo negculisayo. Indlela asebenzisa ngayo inkulumompikiswano ukuphenya nokuhlaziya amaqiniso angavamile ukukhulunywa ebantwini, kuyingqayizivele. Unekhono lokuphenyisisa ezombusazwe kanye nezokucabanga kwabantu abayizifundiswa ebaqhathanisa nalabo abafundile kepha abazisa kakhulu imisebenzi eyenziwe ngabanye bendabuko.
Indlela abantu abehlukene ababuka ngayo impilo iveza okuningi ngokwehlukaniswa kwethu ngenhloso.Empeleni umbhalo lona ungenza ngizibuze ukuthi empeleni abantu abansundu bangahlanganiswa kanjani basebenzisane entweni eyodwa esiyisa phambili. Unity of purpose requires unified vision among diverse peoples. UButhelezi usebenzisa oBiko, Fanon nabanye ababhali ukuhluba udlubu ekhasini, eveza amaqiniso anganakekile. TBC